Ukufika kwamaShayina ezweni...

Namuhla sihlangene nezindaba ezithi unkosikazi waseShayina u-Xiaomei Havard uzothatha isihlalo sikaMnumzane u-Jackson Mthembu (osanda kudlula ngenxa kakhuvethe) ephalamende laseNingizimu Afrika. Abanye abayifuni lendaba ngoba bebona amaShayina afuna ukufika lapha e-Afrika khona ezosiphatha. Owami umubono uthi, uma abaholi bethu eNingizimu Afrika abangabantu abansundu behlezi begxekwa ngokungaphathi kahle izwe, yini kunganikezwa abanye abangenza ngcono? Ngakho-ke mina, ngifuna ukuyibona imisebenzi ka-Xiaomei Havard lona esikhundleni sobuholi. Ngifuna ukubona ukuthi angenza ngcono na. Uma engayazi into eyenzayo, akhonjwe umnyango. Asisanakwenza lutho ngoba nanka amaShayina afike ayimbumba eNingizimu Afrika.

 

Ngapha inkampani yaseShayina, i-Huawei, iyavalwa eMelika ngoba kuthiwa isebenzisa amafoni ayo ukuthi ibheke ukuthi abantu benzani eMelika; ngapha amaShayina afuna ukuphatha amazwe khona lapha e-Afrika ngokukweletisa abaholi bethu izimali abangeke bakwazi ukuzikhokhela; ngapha amaShayina azama ukusiqeda ngokhuvethe... engathi kuningi okwenziwa ngamaShayina okudala ukuthi siwasole ngezinhloso zawo. Noma sefikile azophatha lapha e-Afrika, asithembe ukuthi angenza ngcono kunabaphathi bezwe abangaphambilini abasishiya siswele. Ukubaningi kwamaShayina ezweni lawo kudala ukuthi abanye babo bafune ukuya kwamanye amazwe njengabo abantu abaseNayijeriya, laba esebagcwele la. Okuzosenza sibukeke njengeziphukuphuku kulezwe wukuthi akukho noyedwa umuntu onsundu ephalamende laseShayina kodwa-ke akukho kubavalela sehlulwa wukuphatha izwe sesiphiwe, sesiyobemukela ngoba nabo baphoqwa yisimo ukuthi baze bafike babe baningi lapha eNingizimu Afrika. Sesiyofunda kubo oShayina ukuthi izwe liphathwa kanjani basisize nangalokhuvethe lwabo.


Comments

Popular posts from this blog

Who is Mthoko Mpofana?

Why I admire Spain...

Sovereignty