Umqondo wokuzimela nokuzenzela.

Namuhla, kunzima ukuthi izwe likwazi ukuzimela ngaphandle kwosizo kumanye amazwe. Kodwa, mhlasimbe, sekuthiwa nali izwe lifuna ukuzenzela kwonke, lingaphumelela na?

Kwona-ke, emandulo kwakuvele kuzenzelwa. Yonke into oyidingayo kwakumele uzenzele kumbe uyithole lapho okhona ngoba kwakunzima ukuya kwelinye ikhaya kumbe elinye izwe uthi uyothola okuthile ngoba izimoto namabhanoyi kwakungekho okwokusiza ukuthi usheshe ufike kuleyo ndawo oyothola khona okuthile ngoba nokuthutha izinto eziningi ezisindayo kwakungayona into eyayivamile. Baze bancama ukufuya nokutshala phela abantu ngoba indaba yokuzingela njalo nokulanda isitshalo lapho esizikhulela khona yahamba yabehlula. Ngempela, kwakumele uzenzele kwonke lapho okhona ngoba indaba yohambo ulambile nokwenza ungazi ukuthi uyoyithola noma cha into yokudla lapho oya khona kwakungenye into. 



Namuhla, sithenga ezinye izinto kumanye amazwe kodwa kungaba yini umuphumela uma sesithi sivala kwonke okwamanye amazwe bese sivula okwethu? Uma singaqinisa, senze kwonke ngathi ngemithetho ethi thina singaphila ezweni elihloniphekile nelizakhelayo umnotho. Yini esivimbelayo pho ukuthi sizenzele okwethu?

INKINGA YOKUQALA: Kukhona abezizwe abazifunelayo imali nomnotho wakulezwe, abangenandaba ukuthi abahlali bezwe bayaphucwa umnotho wabo.

INKINGA YESIBILI: Kukhona abantu abanomona, abangafuni ukubona sinokwethu ngasizathu thizana. Uma uthi wenza into yakho bafuna kube ngeyabo bazi kahle ukuthi awenzeli bona.

ISIXAZULULO: Into eyozivala lezinkinga zombili wukuthi kwenziwe izwe elisha. Izwe elingazukuba nesinyama seNingizimu Afrika. Izwe elikwaziyo ukuba yilo lingabi nasikhala sokuphathwa ngabangaphandle.

Comments

Popular posts from this blog

Who is Mthoko Mpofana?

Why I admire Spain...

Sovereignty