Posts

Showing posts with the label Ningizimu Afrika

Ukufika kwamaShayina ezweni...

Image
Namuhla sihlangene nezindaba ezithi unkosikazi waseShayina u- Xiaomei Havard uzothatha isihlalo sikaMnumzane u-Jackson Mthembu (osanda kudlula ngenxa kakhuvethe) ephalamende laseNingizimu Afrika. Abanye abayifuni lendaba ngoba bebona amaShayina afuna ukufika lapha e-Afrika khona ezosiphatha. Owami umubono uthi, uma abaholi bethu eNingizimu Afrika abangabantu abansundu behlezi begxekwa ngokungaphathi kahle izwe, yini kunganikezwa abanye abangenza ngcono? Ngakho-ke mina, ngifuna ukuyibona imisebenzi ka-Xiaomei Havard lona esikhundleni sobuholi. Ngifuna ukubona ukuthi angenza ngcono na. Uma engayazi into eyenzayo, akhonjwe umnyango. Asisanakwenza lutho ngoba nanka amaShayina afike ayimbumba eNingizimu Afrika.   Ngapha inkampani yaseShayina, i-Huawei, iyavalwa eMelika ngoba kuthiwa isebenzisa amafoni ayo ukuthi ibheke ukuthi abantu benzani eMelika; ngapha amaShayina afuna ukuphatha amazwe khona lapha e-Afrika ngokukweletisa abaholi bethu izimali abangeke bakwazi ukuzikh...

"There's no such thing as a South African."

Image
Lesi ( isihloko ) yisisho esishiwo ngabantu nezifundiswa ezibona kungekho ukuzwana phakathi kwezizwe zas eNingizimu Afrika . Kuvamise ukuba ngabantu abakhula behlala nohlanga olunye ngoba abanye abakhula behlala nabantu bezinhlanga eziningi (intsha yasemadolobheni), baya ezikoleni zabelungu, ngakho ke, babona kuyinto ejwayelekile ukuhlala ezweni elinezizwe kumbe izinhlanga eziningi.  Umlando waseNingizimu Afrika ukhombisa ukuthi into ekuthiwa yizwe leNingizimu Afrika, yaqala ukucatshangwa ngamaBhunu asendaweni ekwakuthiwa yise- Transvaal . AmaBhunu enza amazwe phakathi nezwe ebaleka amaNgisi eKapa. Engakafiki amaBhunu namaNgisi, iNingizimu Afrika ingakabikho, kwakukhona izizwe ezazaziwa. Nokho zingenayo imingcele, kwakwaziwa ukuthi umuhlaba othile ngoweyiphi inkosi nokuthi ngeke uyohlala khona ngaphandle kwemvumo yenkosi ngaphandle kwempi. Ukufika kwabaseYurophu kwamosha kwonke ekwakuwaziwa ngabantu asebengabahlali baseNingizimu Afrika namuhlanje. Izizwe ezazikho...