Umqondo wokuzimela nokuzenzela.
Namuhla, kunzima ukuthi izwe likwazi ukuzimela ngaphandle kwosizo kumanye amazwe. Kodwa, mhlasimbe, sekuthiwa nali izwe lifuna ukuzenzela kwonke, lingaphumelela na? Kwona-ke, emandulo kwakuvele kuzenzelwa. Yonke into oyidingayo kwakumele uzenzele kumbe uyithole lapho okhona ngoba kwakunzima ukuya kwelinye ikhaya kumbe elinye izwe uthi uyothola okuthile ngoba izimoto namabhanoyi kwakungekho okwokusiza ukuthi usheshe ufike kuleyo ndawo oyothola khona okuthile ngoba nokuthutha izinto eziningi ezisindayo kwakungayona into eyayivamile. Baze bancama ukufuya nokutshala phela abantu ngoba indaba yokuzingela njalo nokulanda isitshalo lapho esizikhulela khona yahamba yabehlula. Ngempela, kwakumele uzenzele kwonke lapho okhona ngoba indaba yohambo ulambile nokwenza ungazi ukuthi uyoyithola noma cha into yokudla lapho oya khona kwakungenye into. Namuhla, sithenga ezinye izinto kumanye amazwe kodwa kungaba yini umuphumela uma sesithi sivala kwonke okwamanye amazwe bese si...