"There's no such thing as a South African."

Lesi (isihloko) yisisho esishiwo ngabantu nezifundiswa ezibona kungekho ukuzwana phakathi kwezizwe zaseNingizimu Afrika. Kuvamise ukuba ngabantu abakhula behlala nohlanga olunye ngoba abanye abakhula behlala nabantu bezinhlanga eziningi (intsha yasemadolobheni), baya ezikoleni zabelungu, ngakho ke, babona kuyinto ejwayelekile ukuhlala ezweni elinezizwe kumbe izinhlanga eziningi. 



Umlando waseNingizimu Afrika ukhombisa ukuthi into ekuthiwa yizwe leNingizimu Afrika, yaqala ukucatshangwa ngamaBhunu asendaweni ekwakuthiwa yise-Transvaal. AmaBhunu enza amazwe phakathi nezwe ebaleka amaNgisi eKapa.

Engakafiki amaBhunu namaNgisi, iNingizimu Afrika ingakabikho, kwakukhona izizwe ezazaziwa. Nokho zingenayo imingcele, kwakwaziwa ukuthi umuhlaba othile ngoweyiphi inkosi nokuthi ngeke uyohlala khona ngaphandle kwemvumo yenkosi ngaphandle kwempi.

Ukufika kwabaseYurophu kwamosha kwonke ekwakuwaziwa ngabantu asebengabahlali baseNingizimu Afrika namuhlanje. Izizwe ezazikhona zachithwa babunjwa bonke abantu endaweni enye. Noma singaphika ukuthi asifani sithi kumele sihlangane njengabantu abansundu, ngeke sikwazi ukubalekela ukuthi lesi simo salethwa ngabangaphandle. Hhayi nabantu basezwenikazi ekuthiwa yi-Afrika (KwaNtu), lesisimo sokuntula esiphila ngaphansi kwaso salethwa ngabantu abasezwenikazi ekungelona nelethu. Izwe esingalazi.

Umulando kuthiwa wumulando ngoba uyakulandela, ngeke uwubalekele unomphela, uyohlezi evela. Umulando walezwe uhlezi evela njalo ngodlame nobandlululo esibhekene nalo lapha kulezwe. Ngeke sikuthole ukuthula sisezweni esasivele singalifuni nathi lingasifuni. Angazi ukuthi siyokubona nini loko. Kumanje, sizwa ukuthi uhulumeni wamaBhunu ngesikhathi sobandlululo wawufuna ukunciphisa isibalo sabantu abansundu. AmaZulu ahlezi ethelwa ngayo yonke nhlobo yenhlamba zinsuku zonke eNingizimu Afrika. Abansundu behlezi benziwa inhlekisa ngamaphephandaba aphethwe ngabamhlophe. Yinto eyophelelaphi ngempela lena ngoba ukuhlala ezweni wazi kamhlophe ukuthi yizwe elakhiwa ngokubulawa kwabantu bakho nelaphuca umhlaba wesizwe sakho kuwukuzilengisa kahlehle.

Ngikhumbula ngihlala nabantu abangolunye uhlanga (bengasikhulumi isiZulu). Noma ngangizitshela ukuthi sasizwana nabo, uma sengibukisisa emuva, kwakukhona ukudelela uhlanga engangivela kulona. Yona i-tribalism, ngesiNgisi. Kuhambe ngizizwe ngingeneme uma nginabo.

Siyakubona loku kucwasana eNingizimu Afrika ePitoli ngenkathi bethi abafuni m'Zulu ozoba ngumeya edolobheni labo, bayobhikisha emigwaqweni bethi abamufuni uMam' uThoko Didiza.

Uma siqinisile ngokugqashula amaketango eNingizimu Afrika, singaphili ngomthetho wesi-Roman-Dutch (oyohlezi kungowabamhlophe), kumele sizakhele izwe elisha elingenayo insila yobuYurophu nobuNingizimu Afrika. Ngoba uma singakwenzi loku, lezwe esikulona liyohlezi lisizonda futhi lingenayo inkululeko kuthina bantu abansundu kakhulukazi amaZulu ayiningi.

Comments

Popular posts from this blog

Who is Mthoko Mpofana?

Why I admire Spain...

Sovereignty